ukuba nomqondo omuhle, osebenza kahle kanye nobheke entuthukweni ngokukhula ungaba ngumphumela wezenzo zabantu abadala bona ngokwabo, ngamandla nje okukhula kwesibalo sabo kanye nethonya labo. Ukwazi okuqoqelwe ndawonye kokuba mdala, njengomqondo ohlanganisayo ngokwenhlalo yomphakathi, ngaleyo ndlela kungaba into enhle (International Plan of Action on Ageing 1/para. 32).
Ukwanda kwenombolo yemindeni ethintwe ubhubhane lwe-HIV/AIDS kuthinta impilo yabantu abadala. Imiphumela yenkathazo ye-HIV/AIDS iphazamisa imindeni. Inani elikhulayo lezingane eziyizintandane ngenxa yokushona kwabazali bebulawa izifo ezihambisana ne-HIV/AIDS. Lokhu kwenza ukuthi kusale kube ngabantu abadala kuphela ababanakelelayo. Abantu abadala emindenini ehlaselwe ubhubhane lwe-HIV/Ngculazi bazithola bebhekene nomsebenzi omkhulu wokunakekela abagulayo noma ilungu lomndeni elishonayo kanjalo nomsebenzi wokubheka abazukulu babo asebeyizintandane.
Kujwayeleke ukuthi kuthathwe sengathi imindeni engenwe/ethintwe yinkathazo ye-HIV/AIDS iyakwazi ukunakekela amalungu ayo agulayo. Abantu abane-HIV/AIDS badinga impilo, amandla, imithombo yemali kanye nokuzinikela okuqinisile kokuzama kakhudlwana ukuzithola lezi zinto.
Izitifiketi zokuzalwa zabazukulu babo. (Lena yinkinga ejwayelekile kubantu abadala basemakhaya, ikakhulukazi kulabo lapho izingane bezihlala khona emadolobheni noma emazweni angomakhelwane).
Isihlamba umphakathi osiyamanisa nabantu abashone nge-HIV/AIDS senza ukuthi abantu abadala bakhathazeke kakhulu ngesikhathi bezama ukubhekana nokushona kwamalungu emindeni yabo. Njengokuthi nje abantu abadala kufanele babhekane nokusiza izingane ukuthi zijwayele indawo entsha ngaphandle kwabazali bazo.
Abantu abadala bangabanakekeli bemvelo futhi kufanele banikezwe usizo oluyisisekelo abaludingayo ukuze bakwazi ukubhekana nomsebenzi owengeziwe wokunakekela amalungu emindeni yabo agulayo kanye nabazukulu babo abayizintandane, ikakhulukazi ngenxa ye-HIV/AIDS.
Kubalulekile ukuthi sibazise abantu abadala ngeqhaza labo abalibamba emnothweni wezwe ngezandla zabo futhi banakekele nabazukulu babo uma abazali babo beye emsebenzini noma bebulawe ubhubhane lwe-HIV/AIDS.
Imisebenzi yokweluleka ngokwengqondo imindeni ethintwe ubhubhane lwe-HIV/AIDS. Lokhu futhi kwenziwa nayizinhlangano ezisemphakathini ezisizayo, ezibhekana namalungu omndeni ahlukumezekile engqondweni nasemizweni.
Ulwazi olusatshalaliswa ngezincwajana zolwazi olunezeleluko ezisebenzayo zokuthi itholakala kanjani imali yokusiza umphakathi kanye nokwazi amalungelo akho njengomuntu othola ifa.
Ingxenye yezamabhizinisi, isizwe, izinhlangano zenkolo kanye neziNhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni nazo zisizile ngokwelula isandla ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi ezidinga usizo ziyaluthola.
